Ujoweli 2:6-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Phambi kwabo abantu bayathuthumela,bonke ubuso buyaphaphatheka.

7. Bagijima njengamaqhawe,bakhwela ezingangeni njengamadoda empi;bahamba,kube yilowo nalowo ngendlela yakhe,abaphambanisi izindlela zabo.

8. Abahlohlolozani omunye nomunye;bahamba,kube yilowo nalowo ngendlela yakhe;baziphonsa phakathi kwezikhali,abakhawuli.

9. Batheleka emzini,bagijima ogangeni;bakhuphukela ezindlini,bangena ngamafasitele njengesela.

10. Umhlaba uyazamazama phambi kwabo,amazulu ayathuthumela;ilanga nenyanga kuphenduka ubumnyama,nezinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.

11. UJehova uzwakalisa izwi lakhe phambi kwempi yakhe,ngokuba ibandla lakhe likhulu kakhulu,nowenza izwi lakhe unamandla;yebo, usuku lukaJehova lukhulu,luyesabeka kakhulu;ngubani ongaluthwala na?

12. “Kepha manje,” usho uJehova,“phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke,nangokuzila ukudla, nangokukhala,nangokulila.”

13. Niklebhule inhliziyo yenu,hhayi izingubo zenu,niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu,ngokuba yena unomusa,unobumnene,wephuza ukuthukuthela,unesihe esikhulu,uhawukela nomubi.

14. Ngubani owaziyo uma engayikubuya,ahawukele,ashiye isibusiso emva kwakhe,kube ngumnikelo wempuphu nomnikelo wokuphuzwakuJehova uNkulunkulu wenu, na?

15. Bethani icilongo eSiyoni,ningcwelise ukuzila ukudla,nibize umhlangano;

16. buthani abantu, ningcwelise ibandla,niqoqe abadala, nibuthe izingane nabancelayo;umyeni makaphume ekamelweni lakhe,nomakoti emgonqweni wakhe.

17. Abapristi, izikhonzi zikaJehova,mabakhale phakathi kompheme ne-altare, bathi:“Hawukela abantu bakho, Jehova,unganikeli isabelo sakho sibe yinhlamba,ukuze abezizwe bababhinqe;yini ukuba basho phakathi kwabantu, bathi:‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ”

18. UJehova wayesehawukela izwe lakhe,wabahawukela abantu bakhe.

19. UJehova waphendula,wathi kubantu bakhe:“Bhekani, ngiyakunithumela amabele, newayini, namafutha,nisuthe ngakho,ngingabe ngisanenza inhlamba phakathi kwabezizwe.

20. “Ngiyakudedisela kude nani owasenyakatho,ngimxoshele ezweni elomileyo nelichithakeleyo,ubuso bakhe bube ngaselwandle lwasempumalanga,umuva wakhe ube ngaselwandle lwasentshonalanga,kukhuphuke ukunuka kwakhe,kwenyuke iphunga lakhe elibi;”ngokuba wenzile izinto ezinkulu.

21. Ungesabi, lizwe;jabula, uthokoze,ngokuba uJehova wenzile izinto ezinkulu.

22. Ningesabi, zilwane zasendle,ngokuba amadlelo asehlane ayahluma,nemithi ithela izithelo,umkhiwane nomvini kuveza amandla akho.

23. Jabulani, bantwana baseSiyoni,nithokoze kuJehova uNkulunkulu wenu,ngokuba uninika imvula yokuqala ngokulunga,unehlisela imvula,eyokuqala neyamuva,njengasekuqaleni.

24. Izibuya ziyakugcwala amabele,nezikhongozelo ziyakuchichima iwayini namafutha.

25. “Ngiyakubuyisela kini iminyaka eyadliwa yisikhonyane,nezinkumbi, nenkasa, nesibotho,impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu.

Ujoweli 2