Ujoweli 2:5-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Bangqabashiya ngomsindo wezinqola eziqongweni zezintaba,njengokuchochoza kwelangabi lomlilo elidla amabibinanjengabantu abanamandla, abahlelelwe ukulwa.

6. Phambi kwabo abantu bayathuthumela,bonke ubuso buyaphaphatheka.

7. Bagijima njengamaqhawe,bakhwela ezingangeni njengamadoda empi;bahamba,kube yilowo nalowo ngendlela yakhe,abaphambanisi izindlela zabo.

8. Abahlohlolozani omunye nomunye;bahamba,kube yilowo nalowo ngendlela yakhe;baziphonsa phakathi kwezikhali,abakhawuli.

9. Batheleka emzini,bagijima ogangeni;bakhuphukela ezindlini,bangena ngamafasitele njengesela.

10. Umhlaba uyazamazama phambi kwabo,amazulu ayathuthumela;ilanga nenyanga kuphenduka ubumnyama,nezinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.

11. UJehova uzwakalisa izwi lakhe phambi kwempi yakhe,ngokuba ibandla lakhe likhulu kakhulu,nowenza izwi lakhe unamandla;yebo, usuku lukaJehova lukhulu,luyesabeka kakhulu;ngubani ongaluthwala na?

Ujoweli 2