Ujoshuwa 8:3-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. UJoshuwa wasuka kanye nabo bonke abantu bempi ukuba akhuphukele e-Ayi; uJoshuwa wakhetha amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amathathu amaqhawe anamandla, wawathuma ebusuku.

4. Wawayala ngokuthi: “Bhekani, niyakuwuqamekela umuzi, emva komuzi, ningayi kude kakhulu nomuzi, nihlale nilungele nonke.

5. Mina nabantu bonke abanami siyakusondela emzini; kuyakuthi lapho bephuma ukusihlasela njengakuqala, sibaleke phambi kwabo.

6. Bayakuphuma, basilandele, size sibasuse emzini, ngokuba bayakusho ukuthi: ‘Babaleka phambi kwethu njengakuqala,’ bese sibaleka phambi kwabo;

7. niyakusuka ekuqamekeleni, niwudle umuzi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu uyakuwunikela esandleni senu.

8. Kuyakuthi lapho seniwuthathile umuzi, nithungele umuzi ngomlilo, nenze njengezwi likaJehova; bhekani, senginiyalile.”

9. UJoshuwa wayesebathuma, baya ukuyoqamekela, bahlala phakathi kweBethele ne-Ayi ngasentshonalanga kwase-Ayi; uJoshuwa walala lobo busuku phakathi kwabantu.

Ujoshuwa 8