16. Bonke abantu basemzini babizwa ukuba babaxoshe; bamxosha uJoshuwa, basuswa emzini.
17. Akusalanga muntu e-Ayi naseBethele ongaphumanga ukubaxosha abakwa-Israyeli, bawushiya umuzi ugengelezile, babaxosha abakwa-Israyeli.
18. UJehova wathi kuJoshuwa: “Yelulela umkhonto osesandleni sakho ngase-Ayi, ngokuba ngiyakulinikela esandleni sakho.” UJoshuwa welulela-ke umkhonto osesandleni sakhe ngasemzini.
19. Abaqamekeleyo bashesha basuka endaweni yabo, bagijima lapho eselula isandla sakhe, bangena emzini, bawuthatha; bawuthungela ngomlilo masinyane.
20. Lapho amadoda ase-Ayi ebheka emva kwabo, abona, bheka, umusi womuzi wenyukela ngasezulwini; ayengenamandla ukubaleka ngalapha noma ngalapha, lapho abantu ababebalekele ngasehlane sebephendukela ababaxoshayo.
21. Ngokuba nxa uJoshuwa nabo bonke abakwa-Israyeli bebona ukuthi abaqamekeleyo bawuthathile umuzi nokuthi umusi womuzi wenyuka, base bebuyela emuva, bawabulala amadoda ase-Ayi.
22. Labo abanye baphuma emzini ukuba babahlasele baze babe phakathi kuka-Israyeli, abanye ngalapha, abanye ngalapha, bababulala, kwaze kwangasala muntu owaphunyuka, wabaleka.
23. Inkosi yase-Ayi bayibamba isaphila, bayiyisa kuJoshuwa.
24. Kwathi lapho u-Israyeli eseqedile ukubulala bonke abakhileyo e-Ayi endle ehlane, lapho ebebaxoshele khona, bese bewe bonke ngosiko lwenkemba baze baqedwa, bonke abakwa-Israyeli babuyela e-Ayi, balichitha ngosiko lwenkemba.
25. Bonke abawa ngalolo suku, abesilisa nabesifazane, babeyizinkulungwane eziyishumi nambili, abantu bonke base-Ayi.
26. UJoshuwa akabuyisanga isandla sakhe awelula ngaso umkhonto, engakaqothuli bonke abakhileyo e-Ayi.
27. Izinkomo kuphela nempango yalowo muzi u-Israyeli waziphangela khona, njengezwi likaJehova amyala ngalo uJoshuwa.
28. UJoshuwa wayeselishisa i-Ayi, walenza laba yiduma lenxiwa kuze kube phakade; liyincithakalo kuze kube namuhla.
29. Inkosi yase-Ayi wayiphanyeka emthini kwaze kwahlwa; ukushona kwelanga uJoshuwa wabayala ukuba behlise isidumbu sayo emthini, basintshinga ngasesikhaleni sesango lomuzi, wamisa phezu kwaso inqwaba enkulu yamatshe ekhona nanamuhla.
30. Khona uJoshuwa wamakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli i-altare entabeni yase-Ebali,