13. Sebehleliwe abantu, lonke ibandla elalingasenyakatho komuzi nabaqamekeleyo babo ababengasentshonalanga komuzi, uJoshuwa waya ngalobo busuku phakathi kwesigodi.
14. Kwathi inkosi yase-Ayi ikubona lokho, ashesha avuka ekuseni amadoda omuzi, aphuma ukuhlasela u-Israyeli, yona nabantu bayo, endaweni enqunyiweyo ngaphambi kwehlane; yayingazi nokho ukuthi babekhona abayiqamekeleyo ngasemva komuzi.
15. UJoshuwa nabo bonke abakwa-Israyeli benza kungathi bahluliwe phambi kwabo, babaleka ngendlela eya ehlane.
16. Bonke abantu basemzini babizwa ukuba babaxoshe; bamxosha uJoshuwa, basuswa emzini.
17. Akusalanga muntu e-Ayi naseBethele ongaphumanga ukubaxosha abakwa-Israyeli, bawushiya umuzi ugengelezile, babaxosha abakwa-Israyeli.
18. UJehova wathi kuJoshuwa: “Yelulela umkhonto osesandleni sakho ngase-Ayi, ngokuba ngiyakulinikela esandleni sakho.” UJoshuwa welulela-ke umkhonto osesandleni sakhe ngasemzini.
19. Abaqamekeleyo bashesha basuka endaweni yabo, bagijima lapho eselula isandla sakhe, bangena emzini, bawuthatha; bawuthungela ngomlilo masinyane.
20. Lapho amadoda ase-Ayi ebheka emva kwabo, abona, bheka, umusi womuzi wenyukela ngasezulwini; ayengenamandla ukubaleka ngalapha noma ngalapha, lapho abantu ababebalekele ngasehlane sebephendukela ababaxoshayo.