Ujoshuwa 8:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wathi kuJoshuwa: “Ungesabi, ungabi naluvalo; suka nabo bonke abantu bempi, ukhuphuke uye e-Ayi; bheka, nginikele esandleni sakho inkosi yase-Ayi, nabantu bayo, nomuzi wayo, nezwe layo;

2. uyakwenza kulo i-Ayi nenkosi yalo njengalokho wenza kulo iJeriko nenkosi yalo; impango yalo kuphela nezinkomo zalo niyakuziphangela khona. Wuqamekele umuzi emva kwawo.”

3. UJoshuwa wasuka kanye nabo bonke abantu bempi ukuba akhuphukele e-Ayi; uJoshuwa wakhetha amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amathathu amaqhawe anamandla, wawathuma ebusuku.

4. Wawayala ngokuthi: “Bhekani, niyakuwuqamekela umuzi, emva komuzi, ningayi kude kakhulu nomuzi, nihlale nilungele nonke.

5. Mina nabantu bonke abanami siyakusondela emzini; kuyakuthi lapho bephuma ukusihlasela njengakuqala, sibaleke phambi kwabo.

6. Bayakuphuma, basilandele, size sibasuse emzini, ngokuba bayakusho ukuthi: ‘Babaleka phambi kwethu njengakuqala,’ bese sibaleka phambi kwabo;

7. niyakusuka ekuqamekeleni, niwudle umuzi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu uyakuwunikela esandleni senu.

8. Kuyakuthi lapho seniwuthathile umuzi, nithungele umuzi ngomlilo, nenze njengezwi likaJehova; bhekani, senginiyalile.”

9. UJoshuwa wayesebathuma, baya ukuyoqamekela, bahlala phakathi kweBethele ne-Ayi ngasentshonalanga kwase-Ayi; uJoshuwa walala lobo busuku phakathi kwabantu.

Ujoshuwa 8