Ujoshuwa 7:20-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. U-Akani wamphendula uJoshuwa, wathi: “Kuyiqiniso, ngonile kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, ngenza ukuthi nokuthi.

21. Ngabona empangweni ingubo enhle yaseShineyari, namashekeli* angamakhulu amabili esiliva, nesigaxa segolide esinesisindo esingamashekeli angamashumi ayisihlanu, ngakufisa, ngakuthatha; bheka, kuthukusiwe emhlabathini phakathi kwetende lami, nesiliva liphansi kwakho.”

22. UJoshuwa wayesethuma izithunywa, zagijimela etendeni; bheka kwakuthukusiwe etendeni lakhe, isiliva liphansi.

23. Zakukhipha phakathi kwetende, zakuyisa kuJoshuwa nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, bakubeka phansi phambi kukaJehova.

24. UJoshuwa nabo bonke abakwa-Israyeli benaye bamthatha u-Akani indodana kaZera, nesiliva, nengubo, nesigaxa segolide, namadodana akhe, namadodakazi akhe, nezinkabi zakhe, nezimbongolo zakhe, nezimvu zakhe, netende lakhe, nakho konke anakho, bakukhuphulela esigodini sase-Akori.

25. UJoshuwa wayesethi: “Usihlupheleni na? UJehova uzakukuhlupha namuhla.” Bonke abakwa-Israyeli bamkhanda ngamatshe; babashisa ngomlilo, babakhanda ngamatshe.

26. Bamisa phezu kwakhe inqwaba yamatshe; isekhona nanamuhla; uJehova waphenduka entukuthelweni yake enkulu. Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi isigodi sase-Akori kuze kube namuhla.

Ujoshuwa 7