Ujoshuwa 5:13-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Kwathi uJoshuwa esengaseJeriko, waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, nanso indoda malungana naye enenkemba yayo ihoshiwe esandleni sayo; uJoshuwa waya kuyo, wathi kuyo: “Uvuna thina noma izitha zethu na?”

14. Yathi: “Qha, ngifikile njengesikhulu sebandla likaJehova.”UJoshuwa wayesewa ngobuso emhlabathini, wakhuleka, wathi kuyo: “Ithini inkosi yami encekwini yayo na?”

15. Isikhulu sebandla likaJehova sathi kuJoshuwa: “Khumula isicathulo sakho onyaweni lwakho, ngokuba indawo omi kuyo ingcwele.” UJoshuwa wenze njalo-ke.

Ujoshuwa 5