34. umkhawulo wawusujika ngasentshonalanga, waya e-Azinoti Thabori; waphuma lapho, waya eHukoki; wafinyelela kwaZebuloni ngaseningizimu, wafinyelela kwa-Asheri ngasentshonalanga nakwaJuda ngaseJordani ngasempumalanga.
35. Imizi ebiyelweyo yayiyiSidimi, neSeri, neHamati, neRakati, neKinereti,
36. ne-Adama, neRama, neHasori,
37. neKedeshi, ne-Edireyi, ne-EniHasori,
38. neJireyoni, neMigidaliyeli, neHoremi, neBeti Anati, neBeti Shemeshi, imizi iyishumi nesishiyagalolunye nemizana yayo.
39. Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwaNafetali ngemindeni yabo, imizi kanye nemizana yayo.
40. Inkatho yesikhombisa yadla abantwana bakwaDani ngemindeni yabo.
41. Umkhawulo wefa labo wawuyiSora, ne-Eshitawoli, ne-Iri Shemeshi,
42. neShahalabini, ne-Ajaloni, neJitila,
43. ne-Eloni, neThimna, ne-Ekroni,
44. ne-Eliteke, neGibethoni, neBalati,
45. neJehudi, neBene Beraki, neGati Rimoni,
46. neMe Jarikhoni, neRakhoni, kanye nomkhawulo malungana neJafo.
47. Umkhawulo wabantwana bakwaDani waphuma kuwo; kepha abantwana bakwaDani bakhuphuka balwa neLeshemu, balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba, balidla, bakha kulo, baliqamba iLeshemu ngokuthi iDani ngegama likaDani uyise.
48. Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwaDani ngemindeni yabo, leyo mizi kanye nemizana yayo.
49. Base beqeda ukwabelana izwe libe yifa ngemikhawulo yalo; abantwana bakwa-Israyeli bamnika uJoshuwa indodana kaNuni ifa phakathi kwabo;
50. ngesiyalezo sikaJehova bamnika umuzi awucelayo, iThimnati Sera, ezintabeni zakwa-Efrayimi; wakha umuzi, wahlala kuwo.
51. Lawo angamafa abawabela ngenkatho u-Eleyazare umpristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli eShilo phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana. Baqeda-ke ukwabela izwe.