Ujoshuwa 11:11-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Bachitha bonke ababekulo ngosiko lwenkemba, babaqothula, akusalanga noyedwa ophefumulayo; walishisa iHasori ngomlilo.

12. Yonke imizi yalawo makhosi nawo onke amakhosi ayo uJoshuwa wakuthatha, wakuchitha ngosiko lwenkemba, wakuqothula njengokuyala kukaMose inceku kaJehova.

13. Kepha imizi eyayimi emagqumeni ayo u-Israyeli akashisanga namunye kuyo ngaphandle kweHasori kuphela; lowo uJoshuwa wawushisa.

14. Impango yonke yale mizi nezinkomo abantwana bakwa-Israyeli baziphangela khona; kepha bachitha bonke abantu ngosiko lwenkemba baze babaqeda; abashiyanga noyedwa ophefumulayo.

15. Njengalokho uJehova ebemyalile uMose inceku yakhe, kanjalo uMose wamyala uJoshuwa; noJoshuwa wenze njalo; akayekanga into neyodwa kukho konke uJehova amyala ngakho uMose.

16. UJoshuwa wathatha-ke lonke lelo zwe, izintaba, neNingizimu yonke, nalo lonke izwe laseGosheni, namathafa, ne-Araba, nezintaba zakwa-Israyeli, namathafa akhe,

17. kusukela entabeni yaseHalaki kwenyukela eSeyiri, yebo, naseBali Gadi esigodini saseLebanoni ngaphansi kwentaba yaseHermoni; onke amakhosi abo wawathatha, wawagenca, wawabulala.

Ujoshuwa 11