Njengalokho uJehova ebemyalile uMose inceku yakhe, kanjalo uMose wamyala uJoshuwa; noJoshuwa wenze njalo; akayekanga into neyodwa kukho konke uJehova amyala ngakho uMose.