Ujobe 32:8-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Nokho kukhona umoya kumuntu;ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa.

9. Abakhulu abahlakaniphile,nabadala abaqondi ukwahlulela.

10. “Ngalokho ngithi: Ngizweni;nami ngiyakusho umqondo wami.

11. Bhekani, ngilindele amazwi enu,ngabeka indlebe emiqondweni yenu,nisaphenya eniyakukusho.

12. Nganilalela nina;bhekani, kwakungekho noyedwa owamahlula uJobenowaphendula amazwi akhe phakathi kwenu.

13. Maningasho ukuthi:‘Sifumene ukuhlakanipha;uNkulunkulu angamphengulula,hhayi umuntu.’

14. Akahlelelanga mina amazwi akhe;angiyikumphendula ngezinkulumo zenu.

15. “Bayakhungatheka, abasaphenduli;baphelelwa ngamazwi.

Ujobe 32