Ujobe 32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

U-Elihu uyaqhamuka

1. Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukumphendula uJobe, ngokuba wayelungile emehlweni akhe.

2. Lwase luvutha ulaka luka-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi womndeni kaRamu; ulaka lwakhe lwavuthela uJobe, ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu.

3. Ulaka lwakhe lwavuthela nabangane bakhe abathathu, ngokuba noma bengafumananga impendulo, bamlahla nokho uJobe.

4. U-Elihu wayelindele ukukhuluma kuJobe, ngokuba bona babebadala kunaye.

5. Lapho u-Elihu esebona ukuthi ayikho impendulo emilonyeni yalawo madoda amathathu, lwavutha ulaka lwakhe.

6. U-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi, wayesethatha-ke, wathi:“Mina ngisemusha ngeminyaka,nina nibadala;ngalokho nganginamahloni,ngesaba ukunitshela umqondo wami.

7. Ngathi: ‘Makukhulume izinsuku,ubuningi beminyaka bazise ukuhlakanipha.’

8. Nokho kukhona umoya kumuntu;ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa.

9. Abakhulu abahlakaniphile,nabadala abaqondi ukwahlulela.

10. “Ngalokho ngithi: Ngizweni;nami ngiyakusho umqondo wami.

11. Bhekani, ngilindele amazwi enu,ngabeka indlebe emiqondweni yenu,nisaphenya eniyakukusho.

12. Nganilalela nina;bhekani, kwakungekho noyedwa owamahlula uJobenowaphendula amazwi akhe phakathi kwenu.

13. Maningasho ukuthi:‘Sifumene ukuhlakanipha;uNkulunkulu angamphengulula,hhayi umuntu.’

14. Akahlelelanga mina amazwi akhe;angiyikumphendula ngezinkulumo zenu.

15. “Bayakhungatheka, abasaphenduli;baphelelwa ngamazwi.

16. Ngibalindele yini,uma bengakhulumi, na?Ngokuba bemi bengasaphenduli.

17. Nami ngiyakuphendula okwami,ngitshengise nami umqondo wami.

18. Ngokuba ngigcwele amazwi;umoya phakathi kwami uyangiqhubezela.

19. Bhekani, okuphakathi kwami kunjengewayini elingenambobo;kucishe ukuqhuma njengezimvaba ezintsha.

20. Ngiyakukhuluma ukuba ngikhululeke;ngiyakuvula izindebe zami ukuba ngiphendule.

21. Mangingakhethi ubuso bamuntu,ngingathophi nobani.

22. Ngokuba angikwazi ukuthopha;uma kunjalo, uMenzi wami angangisusa masinyane.