Ujobe 29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

UJobe ukhumbula inhlalo yakhe yakuqala

1. UJobe wabuye waphakamisa izwi lakhe, wathi:

2. “Sengathi nganginjengasezinyangeni zakuqala,njengasemihleni uNkulunkulu angigcina ngayo,

3. lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami,ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,

4. yebo, njengasezinsukwini zokuvuthwa kwami,lapho ubuhlobo bukaNkulunkulu babuphezu kwetende lami;

5. lapho uSomandla wabe esenami,nabantwana bami babe besangizungeza;

6. lapho izinyathelo zami zagezwa ngamangqanga,nedwala elalingakimi langithelela imifula yamafutha.

7. “Lapho ngaphuma ngaya esangweni ngasemzini,ngalungisa isihlalo sami esigcawini,

8. izinsizwa zangibona, zacasha,nezimpunga zasuka zema,

9. izikhulu zayeka ukukhuluma,zabeka izandla emilonyeni yazo;

10. izwi labakhulu lathuliswa;izilimi zabo zanamathela olwangeni lwabo.

11. Lapho indlebe yangizwa, yangibusisa,nalapho iso langibona, langifakazela.

12. Ngokuba ngakhulula abampofu abakhalayokanye nentandane engenamsizi.

13. Isibusiso sobezakubhubha safika phezu kwami;ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula.

14. Ngembatha ukulunga,kwaba yisambatho kimi;ukwahlulelwa kwami kwakunjengengubo nomqhele kimi.

15. Ngaba ngamehlo ezimpumputhe nezinyawo zezinyonga.

16. Nganginguyise wabampofu;indaba yengingamaziyo ngayiphenya.

17. Ngaphula imihlathi yowonayo,ngahlwitha impango emazinyweni akhe.

18. “Ngase ngithi:‘Ngiyakufa esidlekeni sami,ngandise izinsuku zami zibe ngangesihlabathi.

19. Impande yami iyazivulela amanzi;amazolo alala ubusuku bonke egatsheni lami;

20. udumo lwami lusha njalo kimi,umnsalo wami wenziwa musha esandleni sami.’

21. “Abantu bangilalela belinda;bathula ngesiluleko sami.

22. Emva kwamazwi ami ababe besakhuluma;amazwi ami aconsela phezu kwabo.

23. Bangilindela njengemvula;bangikhamisela imilomo yabonjengokukhamisela imvula yamuva.

24. Ngabahleka bengenakukholwa;ukukhanya kobuso bami kabakufiphazanga.

25. Uma ngangikhethile izindlela zabo,ngangiyakuhlala emqoka,ngahlalisa okwenkosi empini,njengoduduza abalilayo.