11. Bhekani, ngilindele amazwi enu,ngabeka indlebe emiqondweni yenu,nisaphenya eniyakukusho.
12. Nganilalela nina;bhekani, kwakungekho noyedwa owamahlula uJobenowaphendula amazwi akhe phakathi kwenu.
13. Maningasho ukuthi:‘Sifumene ukuhlakanipha;uNkulunkulu angamphengulula,hhayi umuntu.’
14. Akahlelelanga mina amazwi akhe;angiyikumphendula ngezinkulumo zenu.
15. “Bayakhungatheka, abasaphenduli;baphelelwa ngamazwi.
16. Ngibalindele yini,uma bengakhulumi, na?Ngokuba bemi bengasaphenduli.
17. Nami ngiyakuphendula okwami,ngitshengise nami umqondo wami.
18. Ngokuba ngigcwele amazwi;umoya phakathi kwami uyangiqhubezela.
19. Bhekani, okuphakathi kwami kunjengewayini elingenambobo;kucishe ukuqhuma njengezimvaba ezintsha.
20. Ngiyakukhuluma ukuba ngikhululeke;ngiyakuvula izindebe zami ukuba ngiphendule.
21. Mangingakhethi ubuso bamuntu,ngingathophi nobani.
22. Ngokuba angikwazi ukuthopha;uma kunjalo, uMenzi wami angangisusa masinyane.