Ujobe 32:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukumphendula uJobe, ngokuba wayelungile emehlweni akhe.

2. Lwase luvutha ulaka luka-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi womndeni kaRamu; ulaka lwakhe lwavuthela uJobe, ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu.

3. Ulaka lwakhe lwavuthela nabangane bakhe abathathu, ngokuba noma bengafumananga impendulo, bamlahla nokho uJobe.

4. U-Elihu wayelindele ukukhuluma kuJobe, ngokuba bona babebadala kunaye.

5. Lapho u-Elihu esebona ukuthi ayikho impendulo emilonyeni yalawo madoda amathathu, lwavutha ulaka lwakhe.

6. U-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi, wayesethatha-ke, wathi:“Mina ngisemusha ngeminyaka,nina nibadala;ngalokho nganginamahloni,ngesaba ukunitshela umqondo wami.

7. Ngathi: ‘Makukhulume izinsuku,ubuningi beminyaka bazise ukuhlakanipha.’

8. Nokho kukhona umoya kumuntu;ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa.

9. Abakhulu abahlakaniphile,nabadala abaqondi ukwahlulela.

10. “Ngalokho ngithi: Ngizweni;nami ngiyakusho umqondo wami.

11. Bhekani, ngilindele amazwi enu,ngabeka indlebe emiqondweni yenu,nisaphenya eniyakukusho.

12. Nganilalela nina;bhekani, kwakungekho noyedwa owamahlula uJobenowaphendula amazwi akhe phakathi kwenu.

Ujobe 32