9. izikhulu zayeka ukukhuluma,zabeka izandla emilonyeni yazo;
10. izwi labakhulu lathuliswa;izilimi zabo zanamathela olwangeni lwabo.
11. Lapho indlebe yangizwa, yangibusisa,nalapho iso langibona, langifakazela.
12. Ngokuba ngakhulula abampofu abakhalayokanye nentandane engenamsizi.
13. Isibusiso sobezakubhubha safika phezu kwami;ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula.
14. Ngembatha ukulunga,kwaba yisambatho kimi;ukwahlulelwa kwami kwakunjengengubo nomqhele kimi.
15. Ngaba ngamehlo ezimpumputhe nezinyawo zezinyonga.
16. Nganginguyise wabampofu;indaba yengingamaziyo ngayiphenya.
17. Ngaphula imihlathi yowonayo,ngahlwitha impango emazinyweni akhe.
18. “Ngase ngithi:‘Ngiyakufa esidlekeni sami,ngandise izinsuku zami zibe ngangesihlabathi.
19. Impande yami iyazivulela amanzi;amazolo alala ubusuku bonke egatsheni lami;
20. udumo lwami lusha njalo kimi,umnsalo wami wenziwa musha esandleni sami.’
21. “Abantu bangilalela belinda;bathula ngesiluleko sami.
22. Emva kwamazwi ami ababe besakhuluma;amazwi ami aconsela phezu kwabo.
23. Bangilindela njengemvula;bangikhamisela imilomo yabonjengokukhamisela imvula yamuva.
24. Ngabahleka bengenakukholwa;ukukhanya kobuso bami kabakufiphazanga.
25. Uma ngangikhethile izindlela zabo,ngangiyakuhlala emqoka,ngahlalisa okwenkosi empini,njengoduduza abalilayo.