Ujobe 29:8-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. izinsizwa zangibona, zacasha,nezimpunga zasuka zema,

9. izikhulu zayeka ukukhuluma,zabeka izandla emilonyeni yazo;

10. izwi labakhulu lathuliswa;izilimi zabo zanamathela olwangeni lwabo.

11. Lapho indlebe yangizwa, yangibusisa,nalapho iso langibona, langifakazela.

12. Ngokuba ngakhulula abampofu abakhalayokanye nentandane engenamsizi.

13. Isibusiso sobezakubhubha safika phezu kwami;ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula.

14. Ngembatha ukulunga,kwaba yisambatho kimi;ukwahlulelwa kwami kwakunjengengubo nomqhele kimi.

15. Ngaba ngamehlo ezimpumputhe nezinyawo zezinyonga.

16. Nganginguyise wabampofu;indaba yengingamaziyo ngayiphenya.

17. Ngaphula imihlathi yowonayo,ngahlwitha impango emazinyweni akhe.

18. “Ngase ngithi:‘Ngiyakufa esidlekeni sami,ngandise izinsuku zami zibe ngangesihlabathi.

19. Impande yami iyazivulela amanzi;amazolo alala ubusuku bonke egatsheni lami;

Ujobe 29