Ujobe 29:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJobe wabuye waphakamisa izwi lakhe, wathi:

2. “Sengathi nganginjengasezinyangeni zakuqala,njengasemihleni uNkulunkulu angigcina ngayo,

3. lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami,ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,

4. yebo, njengasezinsukwini zokuvuthwa kwami,lapho ubuhlobo bukaNkulunkulu babuphezu kwetende lami;

5. lapho uSomandla wabe esenami,nabantwana bami babe besangizungeza;

6. lapho izinyathelo zami zagezwa ngamangqanga,nedwala elalingakimi langithelela imifula yamafutha.

7. “Lapho ngaphuma ngaya esangweni ngasemzini,ngalungisa isihlalo sami esigcawini,

8. izinsizwa zangibona, zacasha,nezimpunga zasuka zema,

9. izikhulu zayeka ukukhuluma,zabeka izandla emilonyeni yazo;

10. izwi labakhulu lathuliswa;izilimi zabo zanamathela olwangeni lwabo.

Ujobe 29