Ujeremiya 8:8-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. “ ‘Ningasho kanjani, nithi:“Sihlakaniphile,umthetho kaJehova unathi,” na?Impela bheka, uthi lokuloba lwamanga lwababhalilusebenzile okwamanga.

9. Abahlakaniphileyo bayakujabha,besabe, babhajwe;bheka, balilahlile izwi likaJehova,banokuhlakanipha kuni na?

10. Ngalokho abafazi babo ngiyakubanika abanye,namasimu abo kwabayakuwadla,ngokuba kusukela kwabancane kuya kwabakhulubayaphanga impango bonke,nabaprofethi nabapristi bonkebaqamba amanga.

11. Bapholisa kalula ukulimala kwendodakazi yabantu bami, bathi:“Ngukuthula, ngukuthula;”kepha akukho ukuthula.

12. Bayakuba namahloni,ngokuba benza izinengiso;nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi;ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo,ngesikhathi sokubahambela kwamibayakukhubeka, usho uJehova.

13. “ ‘Bengiyakubutha nokubutha,’ usho uJehova,‘kepha azikho izithelo zomvini emvinini,namakhiwane emkhiwaneni;namaqabunga abunile;engibanikile khona kusukile kubo.’ ”

14. “Sihlalelani na?Buthanani,singene emizini ebiyelweyo,sibhubhe khona,ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu usibhubhisile,wasiphuzisa amanzi enyongo,ngokuba sonile kuJehova.

15. Silindela ukuthula,kepha okuhle akukho,nesikhathi sokuphulukiswa,kepha bheka, luvalo.

16. Ukuthimula kwamahhashi akhe kuyezwakala kwaDani;ngezwi lokuyiyiza kwanamandla akheizwe lonke liyathuthumela,ngokuba afikile,alidlile izwe nakho konke okukulo,umuzi nabakhe kuwo.”

17. “Ngokuba ngiyathuma kini izinyokanawomantshingeyana abangenakulunjwa,bayakuniluma,” usho uJehova.

18. Alunakududuzeka kimi usizi oluphezu kwami,inhliziyo yami idangele.

Ujeremiya 8