12. Bayakuba namahloni,ngokuba benza izinengiso;nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi;ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo,ngesikhathi sokubahambela kwamibayakukhubeka, usho uJehova.
13. “ ‘Bengiyakubutha nokubutha,’ usho uJehova,‘kepha azikho izithelo zomvini emvinini,namakhiwane emkhiwaneni;namaqabunga abunile;engibanikile khona kusukile kubo.’ ”
14. “Sihlalelani na?Buthanani,singene emizini ebiyelweyo,sibhubhe khona,ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu usibhubhisile,wasiphuzisa amanzi enyongo,ngokuba sonile kuJehova.
15. Silindela ukuthula,kepha okuhle akukho,nesikhathi sokuphulukiswa,kepha bheka, luvalo.
16. Ukuthimula kwamahhashi akhe kuyezwakala kwaDani;ngezwi lokuyiyiza kwanamandla akheizwe lonke liyathuthumela,ngokuba afikile,alidlile izwe nakho konke okukulo,umuzi nabakhe kuwo.”
17. “Ngokuba ngiyathuma kini izinyokanawomantshingeyana abangenakulunjwa,bayakuniluma,” usho uJehova.
18. Alunakududuzeka kimi usizi oluphezu kwami,inhliziyo yami idangele.
19. Bheka, izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bamilivela ezweni elikude, lithi:“Akakho uJehova eSiyoni na?Ayikho inkosi yalo kulo na?”“Bangicunuleleni ngezithombe zabo ezibaziweyonangokuyize kwabezizwe na?”
20. “Ukuvuna kudlulile,ihlobo liphelile,kepha thina asisindiswanga.”
21. Ngokulimala kwendodakazi yabantu bami ngilimele;ngidabukile, ukumangala kungibambile.
22. Ibhalisamu* alikho kwaGileyadi na?Inyanga ayikho lapho na?Pho, ayipheleliswa nganiimpilo yendodakazi yabantu bami na?