4. Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe ngenyanga yeshumi, ngolweshumi lwenyanga, kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, yena nayo yonke impi yakhe, eJerusalema, wamisa malungana nalo, bakha inqaba ngakulo nxazonke.
5. Wawusuvinjezelwa umuzi kwaze kwaba ngumnyaka weshumi nanye wenkosi uSedekiya.
6. Ngenyanga yesine ngolwesishiyagalolunye lwenyanga indlala yaba namandla emzini, akubangakho kudla kubantu bezwe.
7. Kepha wawusufohlwa umuzi, onke amadoda empi abaleka, aphuma emzini ebusuku ngendlela yesango phakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi -- amaKaledi ayekhona nxazonke zomuzi -- ahamba ngendlela yase-Araba.
8. Kodwa impi yamaKaledi yayixosha inkosi, yamfica uSedekiya emathafeni aseJeriko, yonke impi yakhe yahlakazeka.
9. Ayeseyibamba inkosi, ayenyusela enkosini yaseBabele eRibila ezweni laseHamati, ayahlulela.
10. Inkosi yaseBabele yabulala amadodana kaSedekiya phambi kwamehlo akhe; yabulala nazo zonke izikhulu zakwaJuda eRibila.
11. Yakhipha namehlo kaSedekiya; inkosi yaseBabele yambopha ngamaketanga, yamyisa eBabele, yamfaka etilongweni kwaze kwaba sosukwini lokufa kwakhe.
12. Ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga okwakungumnyaka weshumi nesishiyagalolunye wenkosi uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, kwafika uNebuzaradani induna yabalindi, inceku yenkosi yaseBabele, eJerusalema.
13. Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi; nazo zonke izindlu zaseJerusalema, zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo.
14. Yonke impi yamaKaledi induna yabalindi eyayinayo yadiliza izingange zaseJerusalema nxazonke.
15. Abantu abathile abayizimpofana, nabantu abaseleyo ababesele emzini, nabahlubukileyo behlubukela enkosini yaseBabele, nesixuku esiseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumba.
16. Kepha uNebuzaradani induna yabalindi washiya abantu abathile bezwe abayizimpofana ukuba baphathe izivini namasimu.