Ujeremiya 5:5-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Sengiyakuya kwabakhulu,ngikhulume nabo,ngokuba bona bayayazi indlela kaJehovanokwahlulela kukaNkulunkulu wabo;”kepha bona babelaphulile ijoka kanyekanye,bazigqabulile izibopho.

6. Ngalokho ingonyama yasehlathini iyakubashaya,babhujiswe yimpisi yasehlane,ingwe iyiqamekele imizi yabo,badatshulwe bonke abaphuma kuyo,ngokuba iziphambeko zabo ziningi,nokuhlehla kwabo kwandile.

7. “Ngingakuthethelela kanjani na?Abantwana bakho bangishiyile,bafunga okungesibo onkulunkulu.Ngabafungisa, kepha baphinga,babuthana endlini yezifebe.

8. Banjengamahhashi akhulupheleyo andindayo;yilowo nalowo uyiyizela umfazi womakhelwane wakhe.

Ujeremiya 5