Ujeremiya 5:5-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Sengiyakuya kwabakhulu,ngikhulume nabo,ngokuba bona bayayazi indlela kaJehovanokwahlulela kukaNkulunkulu wabo;”kepha bona babelaphulile ijoka kanyekanye,bazigqabulile izibopho.

6. Ngalokho ingonyama yasehlathini iyakubashaya,babhujiswe yimpisi yasehlane,ingwe iyiqamekele imizi yabo,badatshulwe bonke abaphuma kuyo,ngokuba iziphambeko zabo ziningi,nokuhlehla kwabo kwandile.

7. “Ngingakuthethelela kanjani na?Abantwana bakho bangishiyile,bafunga okungesibo onkulunkulu.Ngabafungisa, kepha baphinga,babuthana endlini yezifebe.

8. Banjengamahhashi akhulupheleyo andindayo;yilowo nalowo uyiyizela umfazi womakhelwane wakhe.

9. Angiyikubahambela ngalokho na?” usho uJehova.“Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?

10. “Khuphukelani ezingangeni zalo,nilichithe,ningaliqedi ngokupheleleyo nokho;susani amagatsha alo,ngokuba awasiwo akaNkulunkulu.

11. Ngokuba indlu ka-Israyeli nendlu kaJudazingikhohlisile nokungikhohlisa,” usho uJehova.

12. Zimphikile uJehova, zathi:“Hhayi yena!Okubi akuyikusehlela,asiyikubona inkemba nendlala.

Ujeremiya 5