9. Uma bekufika kuwe abavuna izithelo zomvini,abayikushiya umkhothozo;namasela ebusukuabeyakuchitha aze aneliswe.
10. Kepha mina ngiyakumhlubula u-Esawu,ngambule izindawo zakhe ezichithekileyo, kanakucasha;inzalo yakhe ichithekile,nabafowabo, nabakhelwane bakhe,yena abe engasekho.
11. Shiya izintandane zakho,mina ngiyakuziphilisa,abafelokazi bakho bethembe kimi.”
12. Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, labo okwakungesibo okwabo ukuphuza indebe bayakuyiphuza nokuyiphuza; ubuyakuba ngongenacala na? Awuyikuba ngongenacala, ngokuba uyakuyiphuza nokuyiphuza.
13. Ngokuba ngizifungile,” usho uJehova, “ukuthi iBosira liyakuba yisimangaliso, nehlazo, nencithakalo, nesiqalekiso, yonke imizi yalo ibe yizincithakalo eziphakade.”
14. Ngizwile imibiko evela kuJehova;kuthunyiwe isithunywa phakathi kwezizwe ngokuthi:“Buthanani, nilihlasele,nisukele ukulwa.”
15. “Ngokuba bheka,ngiyakukwenza ube mncane phakathi kwezizwe,udelelwe phakathi kwabantu.
16. Ukwesabeka kwakho kukudukisile,ukuziqhenya kwenhliziyo yakho,wena ohlezi emifantwini yamawaubambe isiqongo sentaba;noma wakha isidleke sakho njengokhozi,ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.
17. “U-Edomi uyakuba yisimangaliso,kumangale yilowo nalowo odlula kuye,ancimfe ngenxa yezinhlupheko zakhe.
18. Njengasekuchithweni kweSodoma neGomoranemizi yangakhona,” usho uJehova,“akuyikuhlala muntu khona,nendodana yomuntu ayiyikugogobala khona.
19. “Bheka,njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani,iye endaweni eyinqaba,ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo;nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo,ngokuba ngubani onjengami,ngubani onginqumelayo,ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”
20. Ngalokho yizwani isiluleko sikaJehovaasinike ngo-Edomi namaceboawacebile ngabakhileyo eThemani ukuthi:Abancinyane bomhlambi bayakudonswa,basuswe, ikhaya labo limangale ngabo.