6. “Kepha ngasemuva ngiyakubuyisaukuthunjwa kwabantwana bakwa-Amoni,” usho uJehova.
7. Ngo-Edoni.Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Akusekho ukuhlakanipha eThemani na?Amasu aphelile kwabaqondileyo,ukuhlakanipha kwabo kunyamalele, na?
8. Balekani, nibuye,nihlale ezigoxini nina bakhileyo eDedani,ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe ingozi ka-Esawungesikhathi sokumhambela kwami.
9. Uma bekufika kuwe abavuna izithelo zomvini,abayikushiya umkhothozo;namasela ebusukuabeyakuchitha aze aneliswe.
10. Kepha mina ngiyakumhlubula u-Esawu,ngambule izindawo zakhe ezichithekileyo, kanakucasha;inzalo yakhe ichithekile,nabafowabo, nabakhelwane bakhe,yena abe engasekho.