Ujeremiya 49:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngabantwana bakwa-Amoni. Usho kanje uJehova, uthi:“U-Israyeli kanamadodana,kanandlalifa, na?UMilkomu udleleni ifa likaGadi,abantu bakhe bahlale emizini yakhe, na?

2. Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova,“lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wempingeRaba labantwana bakwa-Amoni;liyakuba yincithakalo,imizi yalo ishiswe ngomlilo,u-Israyeli abeselidla ifa lowalidla elakhe,” usho uJehova.

3. “Hhewula, Heshiboni,ngokuba i-Ayi lichithekile,nikhale, madodakazi aseRaba,nibhince izindwangu zamasaka,nilile, nigijime phakathi kwezintango,ngokuba uMilikomu uyakuya ekuthunjweni,abapristi bakhe nezikhulu zakhe kanyekanye.

4. Uzidumiselani ngezigodi,isigodi sakho esichichimayo,wena ndodakazi ehlubukayo,othemba engcebeni yakho ngokuthi:‘Ngubani ongehlela mina, na?’

5. Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwakho uvalo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti,“luvela kubo bonke abakuzungezayo,nixoshwe, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe,kungabikho obutha ababalekileyo.

6. “Kepha ngasemuva ngiyakubuyisaukuthunjwa kwabantwana bakwa-Amoni,” usho uJehova.

7. Ngo-Edoni.Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Akusekho ukuhlakanipha eThemani na?Amasu aphelile kwabaqondileyo,ukuhlakanipha kwabo kunyamalele, na?

Ujeremiya 49