32. Ngiyakukhalela wena mvini waseSibima kunokukhala kukaJazeri;amagatsha akho adlulile ulwandle,afinyelela elwandle lwakwaJazeri;umchithi uthelekele phezu kwezithelo zenu namavini enu.
33. Ukuthokoza nokujabula kususiweensimini nasezweni lakwaMowabi;ngenze ukuba kuphele iwayini ezikhamweni;akusayikunyathelwa ngokujabula,ukumemeza akuseyikho ukumemeza.
34. “Kusukela eHeshiboni elikhalayoliyezwakalisa ukukhala kwalokuze kube se-Elehale naseJahasi,kusukela eSowari kuze kube seHoronayiminase-Egilati Shelishiya,ngokuba namanzi aseNimrimi ayakuba yincithakalo.
35. Ngiyakwenza ukuba kuphele kwaMowabi,” usho uJehova,“yena onikela ezindaweni eziphakemeyonoshisela onkulunkulu bakhe impepho.
36. “Ngalokho inhliziyo yamiikhalela uMowabi njengemitshingo,futhi inhliziyo yamiikhalela amadoda aseKhiri Heresi njengemitshingo,ngokuba okuseleyo abakuzuzileyo kuyachitheka.
37. Ngokuba onke amakhanda ayizimpandla,nazo zonke izilevu zigundiwe;zonke izandla zisikiwe,nasezinkalweni zonke kukhona indwangu yamasaka.
38. Phezu kwazo zonke izindlu zakwaMowabinasezitaladini zakhe kukhona isililo kuphela,ngokuba ngimaphulile uMowabinjengesitsha okungathokozi muntu ngaso,” usho uJehova.
39. “Yeka ukuphela kwakhe amandla.Hhewulani!Yeka ukufulathela kukaMowabi ngamahloni,uMowabi abe ngohlekwayo noqeda amandlakubo bonke abamzungezayo.”
40. Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:“Bheka, uyandiza njengokhozi,elulele amaphiko akhe kuMowabi.
41. Imizi inqotshiwe,nezinqaba zithathiwe;izinhliziyo zamaqhawe akwaMowabiziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.
42. UMowabi uyakuchithwa,angabe esaba yisizwe,ngokuba uzikhukhumezile kuJehova.
43. Ukwesaba, nomgodi, nogibekuphezu kwabakhileyo kwaMowabi,” usho uJehova.
44. “Obalekela ukwesaba uyakuwela emgodini,okhuphuka emgodini uyakubanjwa ogibeni,ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwabo,phezu kukaMowabi,umnyaka wokujeziswa kwabo,” usho uJehova.