Ujeremiya 48:18-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. “Yehla ebukhosini bakho,uhlale womile,ndodakazi, ohlala eDiboni,ngokuba umchithi kaMowabi ukhuphukela kuwe,achithe izinqaba zakho.

19. Yima endleleni,uqaphele wena ohlezi e-Aroweri,ubuze obalekayo nowesifazane ophunyukayo ukuthi:‘Kwenze njani na?’

20. UMowabi ujabhile, uphelile amandla;hhewulani, nikhale,nikwazise e-Arinoniukuthi uMowabi uchithiwe.

21. Ukwahlulela kwehlele izwe lethafa:iHoloni, neJahasi, neMefahati,

22. neDiboni, neNebo,neBeti Dibilatayimi,

23. neKiriyatayimi, neBeti Gamuli,neBeti Mehoni,

24. neKeriyote, neBosira,nemizi yonke yezwe lakwaMowabiekude noma eseduze.

25. Uphondo lukaMowabi lunqunyiwe,ingalo yakhe yaphukile,” usho uJehova.

26. “Mdakiseni, ngokuba uzikhukhumezile kuJehova;uMowabi makahuquzele ebuhlanzweni bakhe, abe ngohlekwayo naye.

27. U-Israyeli wayengahlekwa nguwe na?Wafunyanwa phakathi kwamasela,njengokuba, lapho ukhuluma ngaye,unikina ikhanda, na?

28. Shiyani imizi,nihlale esiweni nina enakhileyo kwaMowabi,nibe njengejuba elakha emaceleni omlomo wesiwa.

29. Sizwile ngokuzidla kukaMowabi okukhulu kakhulu,ukuziphakamisa kwakhe,nokuzidla kwakhe,nokuziqhenya kwakhe,nokuzikhukhumeza kwenhliziyo yakhe.

30. Ngiyazi intukuthelo yakhe,” usho uJehova;“amacebo akhe ayinkohliso,nalokhu akwenzayo kuyinkohliso.

31. Ngalokho ngiyakuhhewula ngoMowabi,ngikhale ngaye wonke uMowabi,balilisele amadoda aseKhiri Heresi.

Ujeremiya 48