Ujeremiya 48:16-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. “Ingozi kaMowabi iseduze ukufika,usizi lwakhe lushesha kakhulu.

17. Nina nonke enimzungezayo manimkhalele;nani nonke enilaziyo igama lakhe anothi:‘Yeka ukwaphuka kwenduku enamandla,udondolo oluhle!’

18. “Yehla ebukhosini bakho,uhlale womile,ndodakazi, ohlala eDiboni,ngokuba umchithi kaMowabi ukhuphukela kuwe,achithe izinqaba zakho.

19. Yima endleleni,uqaphele wena ohlezi e-Aroweri,ubuze obalekayo nowesifazane ophunyukayo ukuthi:‘Kwenze njani na?’

20. UMowabi ujabhile, uphelile amandla;hhewulani, nikhale,nikwazise e-Arinoniukuthi uMowabi uchithiwe.

21. Ukwahlulela kwehlele izwe lethafa:iHoloni, neJahasi, neMefahati,

22. neDiboni, neNebo,neBeti Dibilatayimi,

23. neKiriyatayimi, neBeti Gamuli,neBeti Mehoni,

24. neKeriyote, neBosira,nemizi yonke yezwe lakwaMowabiekude noma eseduze.

25. Uphondo lukaMowabi lunqunyiwe,ingalo yakhe yaphukile,” usho uJehova.

26. “Mdakiseni, ngokuba uzikhukhumezile kuJehova;uMowabi makahuquzele ebuhlanzweni bakhe, abe ngohlekwayo naye.

Ujeremiya 48