Ujeremiya 48:11-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. “UMowabi ugciniwe kwasebusheni bakhe,uphumulile enhleseni yakhe,kathululwanga ezitsheni ngezitsha,akayanga ekuthunjweni;ngalokho ukuzwakala kwakhe kuhlala kuye,nephunga lakhe aliguquki.

12. Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova,“engiyakuthuma ngazo kuye abathambekayoabayakumthambeka,bazithulule izitsha zakhe,baziphohloze izimvaba zakhe.

13. UMowabi uyakujabha ngoKemoshi,njengalokhu indlu ka-Israyeli yajabha ngeBethele,ithemba labo.

14. “Ningasho kanjani ukuthi:‘Singamaqhawenamadoda anamandla okulwa’ na?

15. Umchithi kaMowabi nemizi yakhe bakhuphukile,izinsizwa zakhe ezikhethekileyo zehlele ukuyobulawa,”isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.

16. “Ingozi kaMowabi iseduze ukufika,usizi lwakhe lushesha kakhulu.

17. Nina nonke enimzungezayo manimkhalele;nani nonke enilaziyo igama lakhe anothi:‘Yeka ukwaphuka kwenduku enamandla,udondolo oluhle!’

18. “Yehla ebukhosini bakho,uhlale womile,ndodakazi, ohlala eDiboni,ngokuba umchithi kaMowabi ukhuphukela kuwe,achithe izinqaba zakho.

19. Yima endleleni,uqaphele wena ohlezi e-Aroweri,ubuze obalekayo nowesifazane ophunyukayo ukuthi:‘Kwenze njani na?’

20. UMowabi ujabhile, uphelile amandla;hhewulani, nikhale,nikwazise e-Arinoniukuthi uMowabi uchithiwe.

21. Ukwahlulela kwehlele izwe lethafa:iHoloni, neJahasi, neMefahati,

22. neDiboni, neNebo,neBeti Dibilatayimi,

23. neKiriyatayimi, neBeti Gamuli,neBeti Mehoni,

24. neKeriyote, neBosira,nemizi yonke yezwe lakwaMowabiekude noma eseduze.

25. Uphondo lukaMowabi lunqunyiwe,ingalo yakhe yaphukile,” usho uJehova.

26. “Mdakiseni, ngokuba uzikhukhumezile kuJehova;uMowabi makahuquzele ebuhlanzweni bakhe, abe ngohlekwayo naye.

27. U-Israyeli wayengahlekwa nguwe na?Wafunyanwa phakathi kwamasela,njengokuba, lapho ukhuluma ngaye,unikina ikhanda, na?

28. Shiyani imizi,nihlale esiweni nina enakhileyo kwaMowabi,nibe njengejuba elakha emaceleni omlomo wesiwa.

29. Sizwile ngokuzidla kukaMowabi okukhulu kakhulu,ukuziphakamisa kwakhe,nokuzidla kwakhe,nokuziqhenya kwakhe,nokuzikhukhumeza kwenhliziyo yakhe.

30. Ngiyazi intukuthelo yakhe,” usho uJehova;“amacebo akhe ayinkohliso,nalokhu akwenzayo kuyinkohliso.

31. Ngalokho ngiyakuhhewula ngoMowabi,ngikhale ngaye wonke uMowabi,balilisele amadoda aseKhiri Heresi.

Ujeremiya 48