1. Izwi uJeremiya, umprofethi, alikhuluma kuBaruki, indodana kaNeriya, ekulobeni kwakhe lawa mazwi encwadini, ewathatha emlonyeni kaJeremiya, ngomnyaka wesine kaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lokuthi:
2. “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kuwe Baruki:
3. Uthi wena: ‘Maye kimina! Ngokuba uJehova wenezele usizi ebuhlungwini bami, ngikhathele ukukhala, nokuthula angikufumani.’
4. “Uyakusho kanje kuye, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, lokho engikwakhileyo ngiyakukudiliza, nalokhu engikutshalileyo ngiyakukusiphula, yebo, ezweni lonke.
5. Uyazifunela izinto ezinkulu na? Ungazifuni, ngokuba bheka, ngiyakwehlisela inyama yonke okubi, usho uJehova, ngikunike ukuphila kwakho kube yimpango ezindaweni zonke lapho uya khona.’ ”