Ujeremiya 10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Ubuze bokukhonza izithombe

1. Zwanini izwi uJehova alikhuluma kini nina ndlu ka-Israyeli.

2. Usho kanje uJehova, uthi:“Ningayifundi indlela yabezizwe,ningashaywa luvalo ngezibonakaliso zasezulwini,ngokuba abezizwe bezesaba.

3. Ngokuba imikhuba yabantu iyize,lokhu kugawulwa umuthi ehlathini;ngumsebenzi wesandla sesisebenzi ngembazo.

4. Bawenza ube muhle ngesiliva nangegolide,bawubethela ngezipikili nangezandoukuba ungazamazami.

5. Ungumsebenzi okhandiweyo, awukhulumi;uyathwalwa nokuthwalwa,ngokuba awuhambi.Ungawesabi, ngokuba awenzi okubi,nokuhle awunakukwenza.”

6. Akakho onjengawe Jehova;umkhulu, igama lakho likhulu ngobuqhawe.

7. Ngubani ongekwesabe,Nkosi yezizwe,ngokuba uyimfanelo yakho,ngokuba phakathi kwabo bonkeabahlakaniphileyo bezizwenakuyo yonke imibuso yabo akakho onjengawe.

8. Bayiziphukuphuku, bayiziwula bonke;ngukulaya kwezithombe;kungumuthi nje,

9. nezingcwecwe zesilivaezilethwe zivela eTharishishinegolide lase-Ofiri,umsebenzi wesisebenzi nowezandla zomkhandi,kugqokiswe okuluhlaza nokububende,kungumsebenzi wabahlakaniphileyo konke.

10. Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso,unguNkulunkulu ophilileyo neNkosi yaphakade;ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama,izizwe azinakuma ngokufutheka kwakhe.

11. “Niyakusho kanje kubo, nithi: ‘Onkulunkulu abangenzanga izulu nomhlaba, labo bayakubhubha emhlabeni nangaphansi kwezulu.’ ”

12. Wawenza umhlaba ngamandla akhe,walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe,ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.

13. Lapho elizwakalisa izwi lakhe,kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini;uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba,enzele imvula unyazi,awukhiphe umoya endlini yengcebo.

14. Bonke abantu bayiziphukuphuku,abanakwazi;bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo,ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga,nomoya awukho kuzo.

15. Ziyize, umsebenzi wenkohliso;ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.

16. Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo,ngokuba nguye obumbile konke;u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe,nguJehova Sebawoti igama lakhe.

Ukumenyezelwa kokuthunjwa

17. Qoqa umshuqulo wakho ezweniwena ohlezi ekuvinjezelweni.

18. Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:“Bheka, ngiyakubazwiba abakhileyoezweni ngalo mzuzwana,ngibacindezele ukuze bakuzwe.”

19. Maye kimina ngenxa yokulimala kwami!Ukushaywa kwami kunzima.Kepha ngithi mina:“Nempela lokhu kulusizi lwami,ngiyakuluthwala.”

20. Itende lami lichithakele,zonke izintambo zami zigqabukile;abantwana bami basukile kimi,kabasekho;kasekho owokwelula itende laminowokumisa izilenge zami.

21. Ngokuba abelusi bayiziphukuphuku,abamfunanga uJehova;ngalokho abaphumelelanga,nomhlambi wabo wonke uhlakazekile.

22. Bheka, kusondela izwi lombiko,nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni lasenyakatho,ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo,indawo yokuhlala kwamakhanka.

23. Ngiyazi, Jehova,ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo;akukuyo indoda ukuba ihambe,iqondise izinyathelo zayo.

24. Ngilaye, Jehova,kepha ngokwahlulela,kungabi ngentukuthelo yakho,funa ungenze into engelutho.

25. Thulula ukufutheka kwakho phezukwabezizwe abangakwaziyonaphezu kwemindeni engalibizi igama lakho,ngokuba bamdlile uJakobe;yebo, bamdlile bamqeda,balichitha ikhaya lakhe.