20. Kuyamenyezelwa ukubhujiswa phezu kokubhujiswa,ngokuba izwe lonke liyachithwa.Amatende ami ayachithwa masinyane,nezilenge zami ngokuphazima kweso.
21. Koze kube nini ngibona ibhandela,*ngizwe izwi lecilongo, na?
22. “Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi;bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda;bahlakaniphele ukwenza okubi,kepha ukwenza okuhle kabakwazi.”
23. Ngabuka umhlaba;bheka, wawuyize, wawungenalutho,nezulu lalingenakukhanya.
24. Ngabuka izintaba; bheka, zazamazama;onke amagquma anyakaza.
25. Ngabuka;bheka, kwakungekho muntu;izinyoni zonke zezulu zazibalekile.
26. Ngabuka;bheka, izwe elivundileyo laliyihlane,nemizi yalo yonke yayidiliziwe ebusweni bukaJehovanaphambi kolaka lwakhe oluvuthayo.
27. Ngokuba uJehova usho kanje, uthi:“Izwe lonke liyakuba yincithakalo,kepha angiyikuliqeda ngokupheleleyo.
28. Umhlaba uyakhala ngalokhu,izulu phezulu limnyama,ngokuba ngikukhulumile,ngikuhlosile, ngingazisolanga;futhi angiyikubuya kukho.”
29. Umuzi wonke uyabalekangenxa yomsindo wabamahhashinowabemicibisholo;bayangena ezihlahleni,bakhuphukele emadwaleni;imizi yonke ishiyiwe,akakho ohlala kuyo.