Ujeremiya 4:15-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Ngokuba izwi liyamemezela liphuma kwaDani;lizwakalisa okubi kuvela ezintabeni zakwa-Efrayimi.

16. “Khumbuzani izizwe;bhekani, nizwakalise eJerusalemaukuthi kufika abavimbezeli abaphuma ezweni elikude;baliphakamisa izwi labo ngakuyo imizi yakwaJuda.

17. Njengabalinda insimu baphezu kwalo nxazonke,ngokuba lingihlubukile,” usho uJehova.

18. “Ukuhamba kwakho nezenzo zakho kukwenzele lokhu;lokhu kuyingozi yakho ngokuba imunyu;ifinyelele enhliziyweni yakho.”

19. Zibilini zami, zibilini zami,nginobuhlungu enhliziyweni yami;inhliziyo yami ikhala phakathi kwami,anginakuthula,ngokuba ulizwile, mphefumulo wami,izwi lecilongo,ukuhlatshwa komkhosi wempi.

20. Kuyamenyezelwa ukubhujiswa phezu kokubhujiswa,ngokuba izwe lonke liyachithwa.Amatende ami ayachithwa masinyane,nezilenge zami ngokuphazima kweso.

21. Koze kube nini ngibona ibhandela,*ngizwe izwi lecilongo, na?

22. “Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi;bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda;bahlakaniphele ukwenza okubi,kepha ukwenza okuhle kabakwazi.”

23. Ngabuka umhlaba;bheka, wawuyize, wawungenalutho,nezulu lalingenakukhanya.

24. Ngabuka izintaba; bheka, zazamazama;onke amagquma anyakaza.

25. Ngabuka;bheka, kwakungekho muntu;izinyoni zonke zezulu zazibalekile.

26. Ngabuka;bheka, izwe elivundileyo laliyihlane,nemizi yalo yonke yayidiliziwe ebusweni bukaJehovanaphambi kolaka lwakhe oluvuthayo.

27. Ngokuba uJehova usho kanje, uthi:“Izwe lonke liyakuba yincithakalo,kepha angiyikuliqeda ngokupheleleyo.

28. Umhlaba uyakhala ngalokhu,izulu phezulu limnyama,ngokuba ngikukhulumile,ngikuhlosile, ngingazisolanga;futhi angiyikubuya kukho.”

Ujeremiya 4