Ujeremiya 3:1-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Kuthiwa uma indoda ilahla umkayo,abesemuka abe ngowenye indoda,isayakubuyela kuye na?Lelo zwe belingayikungcoliswa kakhulu na?Kepha wena ofebile nezithandwa eziningiubuyela kimi,” usho uJehova.

2. “Phakamisela amehlo akhoemadulini angenalutho, ubone;kuphi lapho ongalalwanga khona na?Ngasezindleleni ubahlalelenjengomArabiya ehlane,walingcolisa izwe ngobufebenangobubi bakho.

3. Ngalokho izihlambi zinqandiwe,nemvula yamuva ayibangakho.Nokho wawunebunzi lesifebe,wala ukuba namahloni.

4. Awusand' ukukhala kimi ukuthi:‘Baba, wena ungumngane wobusha bami, na?

5. Uyakuhlala enentukuthelo njalonjalo,ayigcine kuze kube nini na?’Bheka, ukhuluma kanjalo;uyenza okubi, uyaphumelela.”

6. UJehova wathi kimi emihleni kaJosiya inkosi: “Ubonile okwenziwe ngu-Israyeli ohlehlayo na? Ukhuphukele kuzo zonke izintaba eziphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, wafeba khona.

7. Ngathi uzakubuyela kimi esekwenzile konke lokhu, kodwa akabuyanga; udadewabo okhohlisayo, uJuda, wakubona.

8. Ngabona ukuthi noma ngangimlahlile u-Israyeli ohlehlayo ngalesi sizathu sokuthi uphingile, ngamnika incwadi yesahlukaniso, udadewabo okhohlisayo, uJuda, akesabanga nokho, kepha waya wafeba naye,

9. nangokuzwakala kokufeba kwakhe langcoliswa izwe, waphinga nemithi namatshe.

10. Kepha kukho konke lokhu udadewabo okhohlisayo, uJuda, akabuyelanga kimi ngenhliziyo yonke, kuphela ngokuzenzisa nje,” usho uJehova.

11. Wayesethi uJehova kimi: “U-Israyeli ohlehlayo ubonakele elungile kunoJuda okhohlisayo.

12. Hamba umemezele lawa mazwi ngasenyakatho, uthi:“ ‘Buya wena Israyeli ohlehlayo,’ usho uJehova;‘angiyikuninyakamela,ngokuba nginomusa,’ usho uJehova;‘angiyakugcina intukuthelo kuze kube phakade.

13. Yazi kuphela ububi bakhoukuthi uphambukile kuJehova uNkulunkulu wakho,wazihlakaza izindlela zakho kubo abezizwephansi kwayo yonke imithi eluhlaza;anililalelanga izwi lami,’ ” usho uJehova.

14. “Buyani, bantwana abahlehlayo,” usho uJehova, “ngokuba ngingumyeni wenu, nginithabathe, abe munye emzini, babe babili emndenini, nginiyise eSiyoni,

15. ngininike abelusi ngokwenhliziyo yami, abayakunalusa ngokwazi nangokuhlakanipha.

16. Kuyakuthi lapho nanda, nichume ezweni, ngalezo zinsuku,” usho uJehova, “bangasayikusho ukuthi: ‘Umphongolo wesivumelwano sikaJehova;’ awuyikungena enhliziyweni, abayikuwukhumbula; abayikuwuswela, akusayikwenziwa omusha.

17. Ngalolo suku bayakulibiza iJerusalema ngokuthi isihlalo sobukhosi sikaJehova; izizwe zonke ziyakubuthana kulo, kulo igama likaJehova eJerusalema; azisayikuhamba ngenkani yezinhliziyo zazo ezimbi.

Ujeremiya 3