1. Izwi elafika kuJeremiya ngabantu bonke bakwaJuda ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, ongumnyaka wokuqala kaNebukadinesari, inkosi yaseBabele,
2. alikhulumayo uJeremiya umprofethi kubo bonke abantu bakwaJuda nakubo bonke abakhileyo eJerusalema, ethi:
3. “Kusukela emnyakeni weshumi nantathu kaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, kuze kube namuhla, le minyaka engamashumi amabili nantathu izwi likaJehova lifikile kimi, ngalikhuluma, ngilisho kini njalonjalo, kepha kanilalelanga.”
4. UJehova uthumile kini zonke izinceku zakhe abaprofethi, ebathuma njalonjalo, kepha anilalelanga, anibekanga indlebe ukuba nizwe