26. “Njengesela linamahloni,lapho selifunyenwe,kanjalo indlu yakwa-Israyeli iyakuba namahloni,bona kanye namakhosi abo,nezikhulu zabo,nabapristi babo, nabaprofethi babo
27. abathi emthini: ‘Ungubaba,’nasetsheni: ‘Wena wangizala.’Ngokuba bangifulathele, abangibheki;kepha ngesikhathi sokuhlupheka kwabobayakusho ukuthi:‘Vuka, usisindise.’
28. Baphi onkulunkulu bakhoozenzele bona na?Mabavuke, uma bengakusindisangesikhathi sokuhlupheka kwakho,ngokuba njengomumo wemizi yakho,banjalo onkulunkulu bakho, Juda.
29. “Niphikisanelani nami na?Niphambukile kimi nonke,” usho uJehova.
30. “Ngibashayele ize abantwana benu,abakwamukelanga ukulaywa;inkemba yenu ibadlile abaprofethi benunjengengonyama echithayo.
31. “Wena sizukulwane, bheka izwi likaJehova.“Bengiyihlane ku-Israyeli,noma izwe lesigayegaye, na?Basholoni abantu bami ukuthi:‘Sesidlubulundile,asisayikubuyela kuwe,’ na?
32. Intombi ingakhohlwa yini izivunulo zayo,nomakoti ixhama lakhe, na?Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.
33. Ulungisa kahle kanjaniindlela yakho ukufuna uthando!Ngalokho nabesifazane ababiubafundisile izindlela zakho.
34. Nasemiphethweni yakho kufunyenwe igazilabampofu abangenacala,kungabi ngukuthi ubafumene befohla.Kepha kukho konke lokhu
35. uthi: ‘Anginacala.’Nempela intukuthelo yakhe ibuyile kimi.Bheka, ngiyakwahlulelana nawe,ngokuba uthi: ‘Angonanga.’
36. Usheshelani kangakaukuyiguqula indlela yakho na?Uyakujabha nangeGibithe,njengalokho wajabhiswa yi-Asiriya.