Ujeremiya 2:20-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. “Ngokuba walaphula ijoka lakho endulo,wazigqabula izibopho zakho,wathi: ‘Angiyikukhonza.’Ngokuba kuwo onke amagquma aphakemeyonaphansi kwayo yonke imithi eluhlazawalala njengesifebe.

21. Mina ngakutshala ungumvini omuhle,imbewu elungileyo yodwa;pho, uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi,elomvini wabezizwe, na?

22. Ngokuba noma ugeza ngesoda,*uzithathele insipho eningi,ububi bakho bulotshiwe phambi kwami,” isho iNkosi uJehova.

23. “Ungasho kanjani ukuthi:‘Angingcolile,angilandelanga oBali,’ na?Bheka indlela yakho esigodini,wazi ukuthi wenzeni:uyikamela lensikazi elinejubane,elizulazula ezindleleni zalo,

24. nembongolo yasendle ejwayele ihlane,esezela umoya ngokukhanuka kwayo;ngubani ongavimbela inkanuko yayo na?Bonke abayifunayo abayikukhathala,bayakuyifumana ngenyanga yayo.

25. Nqanda unyawo lwakho lungabi olungenasicathulo,nomphimbo wakho ukuba ungomi;kepha wathi: ‘Kuyize;cha, ngithandile abafokazi,ngiyakubalandela.’

26. “Njengesela linamahloni,lapho selifunyenwe,kanjalo indlu yakwa-Israyeli iyakuba namahloni,bona kanye namakhosi abo,nezikhulu zabo,nabapristi babo, nabaprofethi babo

27. abathi emthini: ‘Ungubaba,’nasetsheni: ‘Wena wangizala.’Ngokuba bangifulathele, abangibheki;kepha ngesikhathi sokuhlupheka kwabobayakusho ukuthi:‘Vuka, usisindise.’

28. Baphi onkulunkulu bakhoozenzele bona na?Mabavuke, uma bengakusindisangesikhathi sokuhlupheka kwakho,ngokuba njengomumo wemizi yakho,banjalo onkulunkulu bakho, Juda.

29. “Niphikisanelani nami na?Niphambukile kimi nonke,” usho uJehova.

30. “Ngibashayele ize abantwana benu,abakwamukelanga ukulaywa;inkemba yenu ibadlile abaprofethi benunjengengonyama echithayo.

Ujeremiya 2