14. U-Israyeli uyisigqila yini,uyisigqila esazalelwa ekhaya na?Waba kanjani impango na?
15. Amabhongo ezingonyama abhongile phezu kwakhe, akhonya,alenza izwe lakhe laba yincithakalo;imizi yakhe ishisiwe,kungekho owakhe kuyo.
16. Nabantwana baseNofi naseThahipanesibaphuca ukhakhayi lwakho.
17. Awuzenzeli lokhu wenangokushiya kwakho uJehova uNkulunkulu wakho,lapho ekuhola endleleni, na?
18. Manje unani endleleni eya eGibitheukuba uphuze amanzi aseSihori, na?Unani endleleni eya e-Asiriyaukuba uwaphuze amanzi omfula na?
19. Ububi bakho buyakukulaya,nokuhlehla kwakho kuyakukusola;yazi, ubone ukuthi kuyinto embi nebabayoyokuthi umhlubukile uJehova uNkulunkulu wakhonokuthi ukungesaba akukho kuwe,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.
20. “Ngokuba walaphula ijoka lakho endulo,wazigqabula izibopho zakho,wathi: ‘Angiyikukhonza.’Ngokuba kuwo onke amagquma aphakemeyonaphansi kwayo yonke imithi eluhlazawalala njengesifebe.
21. Mina ngakutshala ungumvini omuhle,imbewu elungileyo yodwa;pho, uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi,elomvini wabezizwe, na?
22. Ngokuba noma ugeza ngesoda,*uzithathele insipho eningi,ububi bakho bulotshiwe phambi kwami,” isho iNkosi uJehova.
23. “Ungasho kanjani ukuthi:‘Angingcolile,angilandelanga oBali,’ na?Bheka indlela yakho esigodini,wazi ukuthi wenzeni:uyikamela lensikazi elinejubane,elizulazula ezindleleni zalo,
24. nembongolo yasendle ejwayele ihlane,esezela umoya ngokukhanuka kwayo;ngubani ongavimbela inkanuko yayo na?Bonke abayifunayo abayikukhathala,bayakuyifumana ngenyanga yayo.
25. Nqanda unyawo lwakho lungabi olungenasicathulo,nomphimbo wakho ukuba ungomi;kepha wathi: ‘Kuyize;cha, ngithandile abafokazi,ngiyakubalandela.’
26. “Njengesela linamahloni,lapho selifunyenwe,kanjalo indlu yakwa-Israyeli iyakuba namahloni,bona kanye namakhosi abo,nezikhulu zabo,nabapristi babo, nabaprofethi babo
27. abathi emthini: ‘Ungubaba,’nasetsheni: ‘Wena wangizala.’Ngokuba bangifulathele, abangibheki;kepha ngesikhathi sokuhlupheka kwabobayakusho ukuthi:‘Vuka, usisindise.’
28. Baphi onkulunkulu bakhoozenzele bona na?Mabavuke, uma bengakusindisangesikhathi sokuhlupheka kwakho,ngokuba njengomumo wemizi yakho,banjalo onkulunkulu bakho, Juda.
29. “Niphikisanelani nami na?Niphambukile kimi nonke,” usho uJehova.
30. “Ngibashayele ize abantwana benu,abakwamukelanga ukulaywa;inkemba yenu ibadlile abaprofethi benunjengengonyama echithayo.
31. “Wena sizukulwane, bheka izwi likaJehova.“Bengiyihlane ku-Israyeli,noma izwe lesigayegaye, na?Basholoni abantu bami ukuthi:‘Sesidlubulundile,asisayikubuyela kuwe,’ na?
32. Intombi ingakhohlwa yini izivunulo zayo,nomakoti ixhama lakhe, na?Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.
33. Ulungisa kahle kanjaniindlela yakho ukufuna uthando!Ngalokho nabesifazane ababiubafundisile izindlela zakho.