Ujeremiya 2:1-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Lase lifika izwi likaJehova, lithi: “Hamba umemeze ezindlebeni zeJerusalema, uthi: Usho kanje uJehova, uthi:

2. “ ‘Ngikukhumbulela umusa wobusha bakho,nothando lwakho, usengumakoti,nokungilandela kwakho ehlane,izwe elingatshalwanga.

3. U-Israyeli ungcwele kuJehova,ululibo lwezithelo zakhe;bonke abazidlayo bayathola icala,okubi kuyakubehlela,’ ” usho uJehova.

4. Zwanini izwi likaJehovanina ndlu kaJakobe,nani mindeni yonke yendlu ka-Israyeli.

5. Usho kanje uJehova, uthi:“Ububi buni oyihlo ababufumene kimi,baze badeda kude nami,balandela okuyize, baba yize, na?

6. Abashongo ukuthi:‘Uphi uJehova owasikhuphula ezweni laseGibithe,wasihola ehlaneezweni lezingwadule nelemigodi,ezweni elomileyo nelethunzi lokufa,ezweni elingadatshulwa muntu,nalapho kungahlali muntu khona, na?’

7. Nganingenisa ezweni elivundileyoukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo,kepha lapho seningenile,nalingcolisa izwe lami,nenza ifa lami laba yisinengiso.

8. Abapristi abashongo ukuthi:‘Uphi uJehova?’Abaphethe umthetho babengazi,ababusi baphambuka kimi,abaprofethi baprofetha ngoBali,balandela okungenakusiza.

9. “Ngalokho ngiyakuphikisana nani,” usho uJehova,“ngiphikisane nabantwana babantwana benu.

10. Dlulani eziqhingini zaseKitimi, nibone,nithume eKedari, niqonde kahle,nibone uma yake yaba khona into enjengalena na?

11. Isizwe sike senana ngawonkulunkuluabangesibo onkulunkulu na?Kepha abantu bami benanile udumo lwabongokungenakusiza.

12. Mangalani ngalokho, mazulu,nithuthumele, nichitheke impela,” usho uJehova.

13. “Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili:bangishiyile, umthombo wamanzi aphilileyo,bazigubhele imithombo,imithombo evuzayo,amanzi angenakuhlala kuyo.

14. U-Israyeli uyisigqila yini,uyisigqila esazalelwa ekhaya na?Waba kanjani impango na?

Ujeremiya 2