Ujeremiya 11:18-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. UJehova wangazisa, ngakwazi; khona wangibonisa izenzo zabo.

19. Kepha mina nganginjengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni; ngangingazi ukuthi bangicebela amacebo, bethi:“Masiwuchithe umuthi kanye nezithelo zawo,simnqume ezweni labaphilayo,igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.”

20. Jehova Sebawoti,mahluleli olungileyo,ovivinya izinso nenhliziyo,mangibone ukuphindisela kwakho kubo,ngokuba ngibonakalisile indaba yami kuwe.

21. “Ngalokho usho kanje uJehova ngabantu base-Anathoti abafuna ukuphila kwakho, bathi: ‘Awuyikuprofetha ngegama likaJehova, ukuze ungafi ngesandla sethu;’

22. ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Bheka, ngiyakubahambela; izinsizwa ziyakufa ngenkemba; amadodana abo namadodakazi abo ayakufa ngendlala,

Ujeremiya 11