Ujeremiya 10:9-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. nezingcwecwe zesilivaezilethwe zivela eTharishishinegolide lase-Ofiri,umsebenzi wesisebenzi nowezandla zomkhandi,kugqokiswe okuluhlaza nokububende,kungumsebenzi wabahlakaniphileyo konke.

10. Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso,unguNkulunkulu ophilileyo neNkosi yaphakade;ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama,izizwe azinakuma ngokufutheka kwakhe.

11. “Niyakusho kanje kubo, nithi: ‘Onkulunkulu abangenzanga izulu nomhlaba, labo bayakubhubha emhlabeni nangaphansi kwezulu.’ ”

12. Wawenza umhlaba ngamandla akhe,walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe,ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.

13. Lapho elizwakalisa izwi lakhe,kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini;uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba,enzele imvula unyazi,awukhiphe umoya endlini yengcebo.

14. Bonke abantu bayiziphukuphuku,abanakwazi;bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo,ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga,nomoya awukho kuzo.

15. Ziyize, umsebenzi wenkohliso;ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.

16. Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo,ngokuba nguye obumbile konke;u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe,nguJehova Sebawoti igama lakhe.

17. Qoqa umshuqulo wakho ezweniwena ohlezi ekuvinjezelweni.

18. Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:“Bheka, ngiyakubazwiba abakhileyoezweni ngalo mzuzwana,ngibacindezele ukuze bakuzwe.”

19. Maye kimina ngenxa yokulimala kwami!Ukushaywa kwami kunzima.Kepha ngithi mina:“Nempela lokhu kulusizi lwami,ngiyakuluthwala.”

20. Itende lami lichithakele,zonke izintambo zami zigqabukile;abantwana bami basukile kimi,kabasekho;kasekho owokwelula itende laminowokumisa izilenge zami.

21. Ngokuba abelusi bayiziphukuphuku,abamfunanga uJehova;ngalokho abaphumelelanga,nomhlambi wabo wonke uhlakazekile.

Ujeremiya 10