Ujeremiya 10:6-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Akakho onjengawe Jehova;umkhulu, igama lakho likhulu ngobuqhawe.

7. Ngubani ongekwesabe,Nkosi yezizwe,ngokuba uyimfanelo yakho,ngokuba phakathi kwabo bonkeabahlakaniphileyo bezizwenakuyo yonke imibuso yabo akakho onjengawe.

8. Bayiziphukuphuku, bayiziwula bonke;ngukulaya kwezithombe;kungumuthi nje,

9. nezingcwecwe zesilivaezilethwe zivela eTharishishinegolide lase-Ofiri,umsebenzi wesisebenzi nowezandla zomkhandi,kugqokiswe okuluhlaza nokububende,kungumsebenzi wabahlakaniphileyo konke.

10. Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso,unguNkulunkulu ophilileyo neNkosi yaphakade;ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama,izizwe azinakuma ngokufutheka kwakhe.

11. “Niyakusho kanje kubo, nithi: ‘Onkulunkulu abangenzanga izulu nomhlaba, labo bayakubhubha emhlabeni nangaphansi kwezulu.’ ”

12. Wawenza umhlaba ngamandla akhe,walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe,ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.

13. Lapho elizwakalisa izwi lakhe,kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini;uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba,enzele imvula unyazi,awukhiphe umoya endlini yengcebo.

14. Bonke abantu bayiziphukuphuku,abanakwazi;bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo,ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga,nomoya awukho kuzo.

15. Ziyize, umsebenzi wenkohliso;ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.

Ujeremiya 10