1. Zwanini izwi uJehova alikhuluma kini nina ndlu ka-Israyeli.
2. Usho kanje uJehova, uthi:“Ningayifundi indlela yabezizwe,ningashaywa luvalo ngezibonakaliso zasezulwini,ngokuba abezizwe bezesaba.
3. Ngokuba imikhuba yabantu iyize,lokhu kugawulwa umuthi ehlathini;ngumsebenzi wesandla sesisebenzi ngembazo.
4. Bawenza ube muhle ngesiliva nangegolide,bawubethela ngezipikili nangezandoukuba ungazamazami.
5. Ungumsebenzi okhandiweyo, awukhulumi;uyathwalwa nokuthwalwa,ngokuba awuhambi.Ungawesabi, ngokuba awenzi okubi,nokuhle awunakukwenza.”