Uhoseya 5:5-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe;o-Israyeli no-Efrayimi bayakukhubeka ngobubi babo;naye uJuda uyakukhubeka kanye nabo.

6. Bayakuhamba nezimvu zabo nezinkomo zaboukuyofuna uJehova;kepha abayikumfumana;umonyukile kubo.

7. Bamkhohlisile uJehova,ngokuba bazalile abantwana abangabafokazi;manje inyanga eyethwasayo iyakubadla kanye nezabelo zabo.

8. “Bethani umtshingo eGibeya necilongo eRama;hlabani umkhosi eBeti Aveni:basemva kwakho, Benjamini!

9. U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa,ngazisile izizwe zakwa-Israyeli okuqinisekileyo.

10. Izikhulu zakwaJuda zinjengabasusa imincele;ngiyakuthulula phezu kwazo intukuthelo yami njengamanzi.

11. U-Efrayimi ucindezelekile,uchotshoziwe ekwahlulelweni,ngokuba wavuma ukulandela umyalo oyize.

12. Mina-ke senginjengenundu ku-Efrayimi,nanjengokubola kuyo indlu yakwaJuda.

13. “Lapho u-Efrayimi abona isifo sakhenoJuda isilonda sakhe,u-Efrayimi waya e-Asiriya,wathumela enkosini uJarebi;kepha ingeniphulukise,ayinakusipholisa isilonda senu.

Uhoseya 5