1. “Yizwani lokhu nina bapristi,nilalele nina ndlu ka-Israyeli,nibeke indlebe nina ndlu yenkosi,ngokuba ukwahlulela kukinina,lokhu nanilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.
2. Abahlubuki bashone phansi ngokuhlaba kwabo,kepha ngingumlayi wabo bonke.
3. Ngiyamazi mina u-Efrayimi,u-Israyeli akafihlekile kimi,ngokuba manje, Efrayimi, ufebile,u-Israyeli uzingcolisile.
4. “Abenzi izenzo zokuba babuyele kuNkulunkulu,ngokuba umoya wobufebe uphakathi kwabo,noJehova abamazi.
5. Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe;o-Israyeli no-Efrayimi bayakukhubeka ngobubi babo;naye uJuda uyakukhubeka kanye nabo.
6. Bayakuhamba nezimvu zabo nezinkomo zaboukuyofuna uJehova;kepha abayikumfumana;umonyukile kubo.
7. Bamkhohlisile uJehova,ngokuba bazalile abantwana abangabafokazi;manje inyanga eyethwasayo iyakubadla kanye nezabelo zabo.
8. “Bethani umtshingo eGibeya necilongo eRama;hlabani umkhosi eBeti Aveni:basemva kwakho, Benjamini!