Uhoseya 14:8-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Efrayimi, ngisenendabani nezithombe na?Mina ngiyakumphendula, ngimbheke;nginjengomsayipuresi* oluhlaza,kimina izithelo zakho ziyafunyanwa.”

9. Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto;ngubani onomqondo, azazi, na?Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile;abalungileyo bayakuhamba ngazo,kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo.

Uhoseya 14