Uhoseya 14:7-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Bayakubuya, bahlale emthunzini wakhe,babuye baphile njengamabele,bakhahlele njengomvini,igama lakhe lodumo libe njengomvini waseLebanoni.

8. Efrayimi, ngisenendabani nezithombe na?Mina ngiyakumphendula, ngimbheke;nginjengomsayipuresi* oluhlaza,kimina izithelo zakho ziyafunyanwa.”

9. Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto;ngubani onomqondo, azazi, na?Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile;abalungileyo bayakuhamba ngazo,kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo.

Uhoseya 14