1. Lapho u-Efrayimi ekhuluma,kwavela ukuthuthumela;wayephakeme kwa-Israyeli,kepha wazitholela icala ngoBali, wafa.
2. Manje benezela ekoneni,bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labonezithombe ngokuqonda kwabo,zonke ziyimisebenzi yezinyanga;bakhuluma ngabo, bathi:“Bahlaba abantu,kepha banga amathole.”
3. Ngalokho bayakuba njengamafu okusa,nanjengamazolo amuka ekuseni,nanjengamakhoba aphephethwa esibuyeninomusi ophuma ngefasitele.
4. “Nokho nginguJehova uNkulunkulu wakhokwasezweni laseGibithe;ngaphandle kwami awazi Nkulunkulu,nomsindisi akakho ngaphandle kwami.
5. Mina ngakwazi ehlane ezweni lokoma.
6. Basutha njengamadlelo abo;basutha, nenhliziyo yabo yaphakama;ngalokho bangikhohliwe.
7. Ngase ngiba njengengonyama kubo,ngiqamekela endleleni njengengwe.
8. Ngitheleka phezu kwabo njengebhere*elaphuciwe amawundlu alo,ngidwengula ubhedu lwenhliziyo,ngibadle njengengonyamakazi,isilwane sasendle sibaqaqe.
9. “Ngukuchithwa kwakho, Israyeli,ngokuba uphambene nami,usizo lwakho.